Inkampani yomculo izokwethula ama-Awards amasha eMzansi

2017-07-28 12:29

Cape Town – Inkampani eqopha umculo kuleli nephethe abaculi abahlukene, iSoul Candi, izokwethula umcimbi wokuklomelisa ngezindondo amaciko kwezomculo ozoba minyaka yonke nokuzokube kungowokuqala ngqa kuleli, ama-Dance Music Awards South Africa, eGoli, ngoLwesithathu.

Okwenza lama-awards ahluke ukuthi abalandeli bomculo yibona abazobe bezikhethela ukuthi obani okuzophakanyiswa amagama abo (nominees) kanye nokuthi obani abazowina.

OLUNYE UDABA: UBabes, uNasty C, uZahara noCassper baphakanyiselwe kuma-Afrimma Awards

Lo mcimbi uzophinde usakazwe nakwi-internet. Uhlelo lokuqoka abazowina luzosingathwa online kanti kuzobe kuhloswe kakhulu ukubungaza umculo odansisayo.

Ukuvota kanye nokuphakamisa amagama abaculi abathile kuzokwenziwa kwi-website esemthethweni kanye nezinkundla zokuxhumana.

‘Nomcimbi’ wangempela wezindondo nawo uzosingathwa online, nalapho kuzomenyezelwa owinile emkhakheni ngamunye. Abawinile bazobe sebemenyelwa emcimbini wangasese ohambisana nesidlo nokuyilapho bezolanda khona izindondo zabo.

Zibonele imikhakha eyehlukene yama-Dance Music Awards South Africa ngezansi:

Best Male DJ 

Best Female DJ 

Best Producer 

Best Live Act 

Best Festival  

Best Music Video (From Dance Artist)

Best Male Vocalist of the Year

Best Female Vocalist of the Year 

Best Record Label

Compilation of The Year

Album of The Year 

Remix of The Year 

Best International DJ (osanda kunandisa kuleli)

Best International Producer (osanda kuba nempumelelo emakethe yakuleli)

Best Club of The Year (okubalwa amakilabhu, amaLounges, nokunye)

Best House Record of the Year

Best Kwaito Record of the Year

Best EDM Record of the Year

Best Underground Record of the Year 

Best Dance Radio Show Award

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...