Injabulo kumenyezelwa usuku lwe-albhamu entsha kaCassper Nyovest

2017-03-02 12:30

Cape Town – Inkulu injabulo kubalandeli besihlabani somculi weHip Hop, uCassper Nyovest, kulandela ukuvela kwezindaba zosuku azokhipha ngalo i-albhamu yakhe ebhekwe ngabomvu esihloko sithi Thuto.

Le albhamu izokhishwa ngomhlaka-7 kuMeyi kuwona lo nyaka, kanti uCassper useyichaze le albhamu “njengomsebenzi wakhe omkhulu kuze kube manje”.

OLUNYE UDABA: Bacishe babambana ngezihluthu emcimbini o-DJ Tira noProfessor

Abalandeli balo mculi bahluleke nawukuzibamba ngenxa yenjabulo ezinkundleni zokuxhumana.

Zibonele ikhava yale albhamu kaCassper ngezansi kanjalo nokuphawula kwabanye babalandeli lapha:

#Thuto 07/05/2017 Get Ready

A post shared by Refiloe Phoolo ???? (@casspernyovest) on

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Cool. Bloem: -2-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...