Injabulo kubuya intokazi yakwaMdoda ku-OPW

2017-07-10 19:30

Johannesburg - Ukubuya kukaThembisa Mdoda ohlelweni lukamabonakude olutshengiswa kuMzansi Magic 161, i-Our Perfect Wedding (OPW) ngeSonto ebusuku kujabulise iningi.

Abantu bangene enkundleni yezokuxhumana uTwitter bezwakalisa ukujabula kwabo ngokubona uThembisa esebuyile kulolu hlelo.

OLUNYE UDABA: Kumenyezelwe umethuli omusha we-OPW

UThembisa ubesathathe ikhefu cishe izinyanga ezintathu engabonakali kulolu hlelo kepha elokhu ethembisa ngokuthi uyabuya.

Lo methuli wezinhlelo ubebanjelwe nguNomsa Buthelezi, wodumo lohlelo Abomzala.

UThembisa ubuye kulolu hlelo izolo ngeSonto lwangomhlaka-09 Julayi, abalandeli bakhe bazwakalisa ukuthokoza ngokuphinde bambone.

Twitter:

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...