Injabulo kowesilisa waseMpumalanga edansa noZodwa Wabantu

2017-12-18 09:34

eMpumalanga - Unontandakubukwa wakuleli uZodwa Wabantu ufezekise amaphupho kaSipho Nkosi.

Lo mlisa uthole ithuba lokudansa nale ntokazi esiteji ngesikhathi kuvulwa indawo entsha iBhekiswayo Kingdom Pub eHazyview, Mpumalanga, ngoMgqibelo.

USipho, 28, ungumdansi noDJ futhi usenesikhathi enesifiso sokuzithola edansa nale ntokazi esiteji esisodwa.

Lo mlisa owazalelwa kuyo le ndawo udume ngaokujabulisa abantu ezinxanxatheleni zezitolo kulo leli dolobha.

OLUNYE UDABA:IZITHOMBE: USkolopad uthengelwe imoto entsha

"Lokhu wukufezeka kwephupho lami, angikwazanga ukuzibamba ngesikhathi uZodwa egibela esiteji," kusho yena.

Uthi uyajabula ukuthi le ntokazi ayizange imxwaye esegibela esiteji badansa ndawonye behlikihlana ngamadolo.

- Daily Sun

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...