Ingqophamlando ‘izitabane’ ziqabulana okokuqala kokamabonakude

2017-03-03 14:01

Cape Town – Kuqopheke umlando emdlalweni kamabonakude owuchungechunge i-7de Laan ngoLwesine ebusuku ngesikhathi kuvela isiqephu esikhombisa abesilisa ababili bemanqazana ngolimi.

Ngemuva kweminyaka engu-17 lo mdlalo waqala ukuba semoyeni, ugcine ukukhombisile ukuqabulana kwabantu bobulili obufanayo.

Isembalwa imidlalo yakuleli ewuchungechunge esakhombise ukuqabulana kobulili obubodwa.

Isidingo saba nesiqephu sokuqabulana kwabesilisa abathandana nobulili obufana nobabo ngonyaka ka-2006 kanti iGenerations nayo yasakaza ukuqabulana kwabesilisa abathandana nobulili obufana nobabo ngonyaka ka-2009 ngesikhathi uSenzo noJason bethi abaqedane ngolimi.

Abantu basala bengawuvali umlomo ngalesi siqephu seGenerations njengoba kwakuyiwona umdlalo owawunababukeli abaningi ngaleso sikhathi.

Kulesi siqephu se-7de Laan, izintokazi ezimbili ezingoweta base-Oppiekoffie, u-Amorey (Kristen Raath) kanye noPetro (Carla van der Merwe) zibonakale zikhombisa ukujabha ngesikhathi zibona uswahla lwensizwa ebukekayo neziyihalelayo, uLogan (Simon Tuit), eqabulana nemyeni wakhe, uDivan (Arnu de Villiers), phambi kwabo.

OLUNYE UDABA:Isitabane sinqwaha nesidumbu, sithi yiso umakoti

Lesi siqephu kubukeka sengathi sibajabulise kakhulu abanye bababukeli be-7 de Laan.

Omunye wababukeli balo mdlalo, uShaakira Stemmet, ubhale ekhasini lawo leFacebook encoma lo mdlalo ngokuthi wenze into engajwayelekile, wathi izithandani ezingabesilisa abathandana nabobulili obufanayo besezidingeka kakhulu kulo mdlalo.

“Kulabo abazonda abathandana kwabobulili obufanayo: siyanamukela emhlabeni wangempela,” kubhala uStemmet.

UJohan Wait yena ubhale kanje: “Siyanibongela 7de Laan ngesiqembu [esibonisa okwenzeka ngempela]. Sekuyisikhathi…”

Nokho akusiwo wonke umuntu okhombise ukukunamela ukuvezwa kwalesi siqembu sokuqabulala kwabobulili obufanayo ekhasini leFacebook ku-7de Laan.

Zibonele lesi siqephu esibe yingqophamlando ngezansi: 

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 12-22°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C Morning clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Afternoon clouds. Cool. PE: 16-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...