Ingoma kaCassper igudluze eka-AKA kuma-iTunes ngemizuzu engu-20 ikhishiwe

2017-03-13 11:01

Cape Town – Igile izimanga ingoma entsha yomculi weHip hop, uCassper Nyovest, esihloko sithi Tito Mboweni njengoba ivele yahlala endaweni yokuqala  kuma-iTunes emizuzwini engu-20 nje kuphela ikhishiwe ngoLwesihlanu.

OLUNYE UDABA: Injabulo kumenyezelwa usuku lwe-albhamu entsha kaCassper Nyovest

Le ngoma igudluze eyembangi enkulu kaCassper, u-AKA, ethi The World Is Yours, nokuyiyona ebisihlale esicongweni amasonto amaningi.

Le ngoma iqanjwe ngalowo owayeyinhloko yebhange loMbuso, uTito Mboweni, kanti uphinde wanika le ngoma izibusiso ngokwakhe enkundleni yezokuxhumana, iTwitter. 

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Sunny. Cool. Pta: 5-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-15°C Morning clouds. Cool. Bloem: -4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 6-17°C Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...