Ingamampunge ethi akasekho owodumo lwamafilimu kaLeon Schuster

2017-05-17 16:02

Johannesburg - Usomahlaya ongumlingisi, u-Alfred Ntombela, odume ngelikaShoti kumafilimu kaLeon Schuster uthi uphila njengosheleni.

Lokhu kulandela ukuzungeza kombiko we-website yezindaba ezingamapunge othi akasekho emhlabeni uNtombela kulandela ukubandakanyeka engozini yemoto.

Abanye babhale kuTwitter bethi babone umbiko base beqala bedlulisa amazwi enduduzo emndenini.

OLUNYE UDABA:Sekuvele ukuthi usomahlaya wamithisa ngaphandle

"Ulale ngoxolo Alfred "Shorty" Ntombela oshone ngemuva kwengozi yemoto namuhla ekuseni. Sizokukhumbula," kubhala omunye wabalandeli.

Kodwa uYusuf Abramjee oyisishoshovu sokuhlalisana kwabantu ubhale kuTwitter ebhekise kuNgqongqoshe wezamaPhoyisa uFikile Mbalula naye obecabanga ukuthi uNtombela udlulile emhlabeni, wamtshela ukuthi lezi zindaba zingamampunge.

Umethuli wezinhlelo uFaizal Sayed naye ubhale umyalezo waze faka nesithombe sakhe enalo somahlaya ecacisa ukuthi la mahlebezi awasilo iqiniso.

 - Twitter:

 - The Citizen 

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-30°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-26°C Rain late. More sun than clouds. Warm. Bloem: 7-26°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 11-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...