Indodana kaBrenda Fassie yaqamba amanga ngefa lezigidi

2017-05-15 13:59

Durban - Kuthiwa uqambe aluhlaza amanga uBongani Fassie oyindodana yenkakha engasekho uBrenda Fassie ngokuthola ifa lika-R20 million.

Lokhu kulandela imibiko yangesonto eledlulela lapho uBongani wayechoma ngokuceba kwakhe ngemuva kokuthola leli lifa.

Ngokuthola kwephephandaba langeSonto iSunday World, uBongani ukweleta umastende wakhe izinkulungwane zamaRandi ngokuhluleka ukukhokha irenti izinyanga ezintathu.

Lo mrepha unqunyelwe ugwayi katiki wumastande wakhe uLandsford "Livas" Japhet.

Kuthiwa lo mrepha ukweleta ngaphezu kuka-R34 000 ngokungakhokhi irenti ka-R1300 ngosuku efulethini likaJaphet.

“Lokhu kumayelana nami noBongani, ngeke ngikwazi ukukhuluma nabezindaba,” kusho uJaphet.

OLUNYE UDABA:Kuqubuke impi phakathi kwentombi nomama wesoka kubangwa ifa

Ngesikhathi abezindaba bezama ukuxhumana noBongani uthe: “Nikhuluma nomuntu okungeyena. Bengithi ningifonela ngokungibuza ngeculo engilenza noBusi, ngeke ngikwazi ukukhuluma ngokunye.”

Izindaba zokuthi uBongani ucwile ezikweletini zivezwe isisebenzi asebenza naso ngemuva kokuthi umastende wakhe axhumane naye emcela ukuba akalekelele uBongani.

Lesi sisebenzi esingafunanga igama laso lidalulwe ngoba singafuni ukumosha ubudlelwano baso nalo mrepha, sithe uBongani ukhohlisa abantu ngokuthi uthole ifa likamama wakhe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Scattered showers. Clearing skies. Cool. Pta: 13-31°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...