INdlobongela yenze ezibukwayo emcimbini wokweseka abane-depression eSwazini

2018-04-09 16:01

eThekwini - UMthetho Tshemese odume ngeleNdlobongela wenze ezibukwayo emcimbini wangempelasonto obuhlelewe ukwexwayisa ngempilo-mqondo nangokweluleka abahlukumezekile engqondweni.

Lo mcimbi uhlelwe ngabe-Kushamir kanti ububanjelwe eSibane Hotel eZulwini kwelaseSwaziland ngoLwesihlanu mhlaka- 6 Ephreli ubuhanjelwe izinkumbi zabantu abasuka emazweni aseNingizimu yezwekazi laseAfrika.

IKushamir yinhlangano emele amalungelo abantu nezenhlalakahle kukhulunywe ngodlame olukhungethe izindawo zasemakhaya olusatshalaliswa abesilisa, nanokuthi yini engenziwa ukunqanda lesi sihlava, noma ke ukwelapha asebevele behlukumezekile ngenxa yalo udlame.

UmfokaTshemese obeyisikhulumi esihamba phambili kulo mcimbi ungomunye wabeluleki-mqondo (Psychologist) abahlonishwayo eNingizimu Afrika, futhi ubuye abe isishoshovu samalungelo abantu ikakhulukazi abahlwempu abahlala ezindaweni zasemakhaya kanye nabesifazane.

Usesebenze nezikhungo eziningi esingabala kuzo i-Wits University, Institute of Health and Development Communication, Nelson Mandela children's Fund, kanye ne-Nelson Mandela Academic Hospital.

Ekhuluma e-stage umfokaTshemese uthe abesilisa yibo okumele bathathe indima enkulu ekulweni nezinkinga ezimayelana nodlame, ukuhlukumeza kanye nokucindezeleka okubhekiswe kubantu besifazane.

OLUNYE UDABA:Buka: UZodwa Wabantu elwa nomlandeli, wamukhipha i-wig ekhanda

Ngale kokuba yiPsychologist uTshemese ubuye asebenze njengomculi, umbhali, imbongi, nomethuli wohlelo i-Village Shrink oludlala ku-Channel 157 kuDSTV nokuyilapho adume kakhona kakhulu ngeleNdlobongela.

NjengeNdlobongela, uthi usazoqhubeka nokusebenzisa ubuciko bakhe ukwelapha nokweluleka abahlukumezekile.

Ngemuva kwenkulumo yakhe ube esadlala ingoma yakhe esihloko sithi, Inyala, nalapho ekhuluma khona ngezigameko zodlame nokuhlukumeza asezibonile zenzeka.

Le ngoma iyona eshiye abantu bekhuluma ngoba kuyona yonke into ibekwa ngembaba.

INdlobongela igxile kakhulu emculweni we-Hip hop kanye nobumbongi, kodwa izimisele ukusebenzisana nabaculi abasemikhakheni eyahlukene, ikakhulukazi labo abadlulisa umyalezo owakhayo kubantu.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...