"INdlamlenze" ithi izoshaya into ecokeme koweMpucuzeko

2016-06-29 14:30

Durban - UKhuzani Mpungose odume kakhulu ngeleNdlamlenze kubalandeli bakhe uthi uwulinde ngabomvu umcimbi weMpucuzeko.

Lo mculi ongaconsi phansi kubalandeli bakhe uthe ngeke asho ukuthi uzokwenzani ngoba uhleze enandisa ngezindlela ezahlukahlukene uma sesiteji.

OLUNYE UDABA:Injabulo okamaskandi ethweswa iziqu zobuthishela

“Abalandeli bami bayazi ukuthi ngibaphathela okungaphezu komculo uma ngimenywe emcimbini,”kusho lo mculi.

Ngaphazu komcimbi weMpuncuzeko, lo mculi umatasa ngokukhangisa i-albhamu yakhe enezinyanga ezintathu iphumile.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-28°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-23°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 6-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...