Indlabeyiphika ibeka uMaskandi ezingeni eliphezulu kakhulu

2018-03-25 11:03

eThekwini -  Adayisa okwamangwinya ashisayo ebusika amathikithi endumezulu yomcimbi kaMaskandi ozokuba seGoli ngenyanga ezayo.

UMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele ongumculi othandwa kakhulu kuMaskandi ukhuphule kakhulu izinga lokusebenza kwakhe ngalo mcimbi ozokuba ngomhlaka-21 kuMbasa 2018 enkundleni yezemidlalo i-Ellis Park Stadium.

Lo mcimbi ungowokuqala kulo nyaka kodwa uzokwenziwa minyaka yonke ngayo le nyanga. Kulo nyaka, lo mculi uzodedela i-albhamu yakhe entsha sha ngaphambi kokuba ikhishwe ezitolo.

Abathandi bomculo wesintu bazokuthokozela ukwazi ukuba kuboshwe ngezintandokazi zodwa okubalwa kuzo uShwi noMtekhala, Mjikijelwa, Jaiva, Amageza Amahle, Khuzani, Thokozani Langa, iNdlovukazi kaMaskandi uBuselaphi kanye nabanye abaningi.

Kumenywe nabanye abaculi abafana noSjava noKid X abazokweseka lo zakwabo ekufezeni izifiso zakhe.

Ngokusho kwakhe, uMthandeni uthi kungukufezeka kwephupho lakudala ukuhlela umcimbi ofana nalona ozonikeza abaculi bakaMaskandi isithunzi esibafanele.

OLUNYE UDABA:BUKA: Kuphele ubu-glama kosisi iGcokama Elisha lishaya ingoma eYadini

“Abaculi bakamaskandi kabamenywa emicimbini emikhulu yomculo kuleli, kanti futhi uma kwenzeka besithola isimemo, kabanikezwa isithunzi kanye nenhlonipho efanayo nabanye abaculi abashaya umculo ohlukile.

“Lesi yisona sizathu esingenze ngaba nentshisekelo yokuhlela lo mcimbi,” kusho yena.

UMthandeni uthi akubanga lula ukuhlela umcimbi ofana nalona njengoba bengekho nabaxhasi abamlekelelayo, okuningi uzenzela yena ngokwakhe.

“Yize ngingenabo abaxhasi engibambisene nabo kulo mcimbi, ngizinikele ekwenzeni umcimbi osezingeni eliphezulu kakhulu, ukuze babone nabanye abahleli bemicimbi ukuthi kwenziwanjani,” esho. 

UMpilo Manyathi okunguyena mhlelo nomxhumanisi wabezindaba uthi mukhulu umsebenzi abawenzile ikakhulukazi njengoba bengenabo abaxhasi.

"Kuyintokozo kuthina ukuba sizuze konke lokhu futhi njengoba amathikithi ethengwa ubuthaphuthaphu nje lokhu kusibonisa ngkusobala ukuthi abantu bayawuthanda uMaskandi. Muningi umsebenzi esesiwenzile ikakhulukazi njengoba singenabo abaxhasi, konke esikwenzayo sikwenza ngamandla ethu,"kusho uManyathi.

Amathikithi alo mcimbi atholakala eComputicket ngo-R100 kanti awezicukuthwane abiza u-R300 (uthola ne-CD lamahhala).

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...