Incwadi yesiboshwa ikhalise uBabes Wodumo izinyembezi

2017-08-16 11:01

Cape Town – UBabes Wodumo, ogama lakhe langempela uBongekile Simelane, uthole incwadi emvusele umunyu nemshiye ehlengezela izinyembezi nebivela kowesilisa oboshiwe nowaziwa ngoBaba Malloy eWestville Prison nathi ufana nobaba wesibili kuyena. Lo wesilisa waboshwa eminyakeni imine edlule ngokudubula abulale unkosikazi wakhe ngaphambi kokuba abhekise isibhamu ngakuyena.

UBabes Wodumo utshele iphephabhuku iMove! ukuthi usemxolele uBaba Malloy. "UBaba Malloy wenza iphutha elikhulu. Uma ngabe uNkulunkulu ekwazi ukusixolela kungani kumele kube nzima kuthina ukuthi sixolele?” usho kanjalo, engeza ngokuthi le ncwadi imenze wafuna ukwenza okuningi enzela amadoda asemajele. “Ngakhala ngesikhathi ngithola incwadi. Yayithinta kakhulu inhliziyo yami. Uma ngabe umuntu ekukhombisa uthando kanye nokukweseka esejele kukwenza ufune ukubenzela okungaphezulu,” kusho uBabes.

“Ngesikhathi ethi ufuna ngimvakashele ejele ngazizwa nginecala ngoba ubaba wami uyena ohlale emvakashela.”

Enye yezinto le ndoda eyazicela encwadini isikibha kodwa uBabes uhlela ukunandisa mahhala ejele bese emema abaculi abadumile abafana noCassper Nyovest kanye no-Okmalumkoolkat ukuze bazonandisa naye.

OLUNYE UDABA:Icike abaningi ekaMampintsha kwi-albhamu kaBabes Wodumo

“Angiziboni iziboshwa njengezilwane ngoba yizona ezeseka umculo wami zisemajele futhi kwesinye isikhathi ziyangifonela ukuze nje zingitshele ukuthi ziyangeseka kuyo yonke indlela futhi ziyawuthanda umculo wami,” kusho uBabes Wodumo. 

UBabes uthi useze asizwe ama-drips asesibhedlela ukuze athole amandla ngenxa yokuthi usebenza kakhulu futhi angaphumuli.

“Anginaso isikhathi sokuphumula njengabanye abaculi abaya eholidini. Yimina kuphela obeka isinkwa etafuleni ekhaya ngakho uma ngingasebenzi ubani ozonakekela umndeni wami?

"Kodwa udokotela wami wathi njengoba ngingakwazi ukuphumula kumele ngithathe okuvuselela amasosha omzimba njalo emasontweni amathathu ukuze ngingawi esiteji,” kuqhuba uBabes.

“Abalandeli bami abazi ukuthi ngiyakhathala futhi kwesinye isikhathi bangibona ngizihambela esiteji esikhundleni sokudansa ngoba ngikhathele kakhulu. Ngiyajuluka kakhulu futhi ngiyoma uma ngabe ngidansa,” kusho uBabes, okumanje umatasa nokuqopha i-music video yochungechunge lwemicimbi yakhe yeWololo.

                                  

                                 

- Move!

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...