Incwadi kasaziwayo ifaniswa ne-Ford Kuga kwezokushicilela

2017-08-11 19:29

Johannesburg - Baningi abalandeli kabaBonang Matheba abebeyithakasele indaba yokuthi lo saziwayo uzokhipha incwadi ngempilo yakhe, kodwa injabulo yashabalala ngesikhathi kubonakala ukuthi abebekulindili nalokhu abakutholayo akufani.

Yize kuyincwadi exoxa ngempilo yalo saziwayo, akusiyena oyibhalile.

Lo saziwayo waqasha intokazi engumbhali uGugu Mhlungu ukuthi kube nguyena obhalayo.

Indlela okuvame ukwenzeka ngayo kulezi zimo wukuthi umnikazi wendaba uyaye aqashe umuntu azohlala naye phansi babe nengxoxo.

Lowo muntu nguyena ozobhekana nomsebenzi wokuguqula le ngxoxo ayibhale phansi kube wusomqulu ozokwenziwa incwadi.

Ngemuva kokuba kubhalwe, umnikazi wendaba uyaye ayifundisise uma esegculisekile ngayo, bayithumele kubashicileli, kulokhu le ncwadi ishicilelwe ngabe-Blackbird Publishers.

Umshicileli wuyena oqasha umhleli ozohlela le ncwadi aqinisekise ukuthi ulimi, ukubhalwa kwencwadi kuhlelekile futhi ifundeka kahle.

OLUNYE UDABA:Zishaye into ephansi izinhlelo ezethulwa osaziwayo kumabonakude

Uma sekwenzekile lokhu, umhleli uyaye ayibuyisele incwadi kumbhali ukuba alungise amaphutha okokugcina ngaphambi kokuba ibuyiselwe kumnikazi ozoqinisekisa ukuthi konke kulungile ngaphambi kokuba kushicilelwe.

Kubonakala sengathi konke lokhu akwenzekanga ngesikhathi kukhishwa le ncwadi esiphenduke inhlekisa empkhakathini.

Le ncwadi isithathwa njenge-Ford Kuga kwezokushicilela ngoba nayo yayinenqwaba yezinkinga ezingachazeki abanikazi bayo baze baphoqeleka ukuba bayibuyisele esitolo iyolungiswa.

Nale ncwadi nayo isihoxisiwe ukudayisa kanti isitolo okuyisona esiyidayisayo i-Exclusive Books isiveze ukuthi amakhasimende ayithengile angayibuyisa incwadi ukuze bathole izimali zabo, kubika iSowetan Live.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-30°C High level clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C Passing showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...