IMzansi Magic iyaziqhelelanisa noMthokozisi kulandela izinsolo zokushaya

2017-11-28 19:25

Cape Town – Isiteshi esikhokhelwayo sikamabonakude iM-Net isiziqhelelanisile nalowo owakhala ngaphansi kuma-Idols uMthokozisi Ndaba kulandela izinsolo zokushaya owesifazane waseGoli.

AbeMzansi Magic (DStv 161) bathi abazi ukuthi ukuphi uNdaba futhi kabasamkhulumeli njengoba engasekho ngaphansi kohlelo lokuvundulula ithalente lomculo, ama-Idols.

Khonamanjalo uNdaba, 25, osolwa nguNeo Tsele, 21, ngokumbeka isandla ngoLwesihlanu ebusuku kubangwa ibhodlela lotshwala, usekhiphe isitatimende ekhasini lika-Instagram.

UNdaba uthi unqume ukubuyela eGoli wanxusa abantu ukuba bangamhlaseli uTsele ngoba "asazi ukuthi yini inkinga okungenzeka ukuthi ubambene nayo".

"Kulandela ukuvela kwezinsolo zakamuva kanye necala engivulelwe lona, senginqume ukubuyela eGoli ukuze ngisebenzisane namaphoyisa mayelana nalolu daba. Yize lezi zinsolo zingiphazamisile futhi zangibeka kabi siqu sami, ithalente engalinikwa wuMdali, abangani nomndeni, kepa ngiyacela ukuba kudedelwe umthetho udlale indima yawo."

Unxuse abalandeli bakhe okuyiTeamMthokozisi ukuba "bangamhlaseli lo wesifazane omvulele icala ezinkundleni zokuxhumana. Asazi ukuthi iyiphi inkinga abhekene nayo".

Nasi isitatimende esiphelele:

Good day Mzansi Africa, In light of the current allegations and a case opened against me, I have returned to Joburg again to co-orperate  with the police regarding the matter. In as much as this has affected Me, the craft God Blessed me with, the family, friends & fans negatively but let us please let our SA law to handle the matter rightfully. I plead with TeamMthokozisi & everyone to not attack the complainant on social media. We do not know what issues she may be dealing with. Please Mzansi. Let us continue taking a stand against violence on women and children. I love you all!  Please continue downloading 1.Paxton and 3.Bothlale's tracks...and of course 2.Masithandane. Download, view, like & share. Stay Peaceful & Always Blessed.

A post shared by Mthokozisi Ndaba (@teammthokozisi) on

IMzansi Magic ithi iyakugxeka kakhulu ukuhlukumeza, ikakhulu okubhekiswe kubantu besifazane.


- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...