Impumelelo yomrepha yenze abazali bakhe basondelana

2017-06-07 16:03

Johannesburg -Impumelelo yomrepha oyintandokazi uKwesta yenze abazali bakhe basondelane kakhulu kunakuqala, kubika iTimeslive.

Abazalo balo mrepha baqaqa ifindo likasofa silahlane lo mrepha eneminyaka engu-8 ubudala.

Kusukela lapho abazange bathelelana kahle amanzi, kodwa konke lokho kubonakala sekushintshile njengoba bebendawonye ukubungaza impumelelo yendodana yabo.

Abazalo balo mrepha bahlanganyele ndawonye ngesikhathi umama wakhe emenzele umcimbi wokumhalalisela ngezindondo asanda kuzithola.

Lo mculi uhluleke ukuzibamba wathathela ezinkundlendi zokuxhumana ebonga abazali bakhe.

OLUNYE UDABA:'Kwenzeka iphutha kweye-Album of the Year, siyaxolisa'

“Laba ngabazali bami abadivosa ngineminyaka engu-8 kanti ngesonto eledlule bengiqala ukubabona besondelene ngale ndlela selokhu bahlukana,” kusho uKwesta.

Ekhuluma nabeSunday World, lo mrepha uthe umama wakhe uyimbokodo ekhethekile.

“Waba nathi sobathathu, wasikhulisa kunzima. Yize engumuntu wakudala futhi wayenakho ukwesaba ukuthi mhlawumbe izinto ngeke zihambe kahle,” kuqhubeka yena.

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...