Imininingwane yomngcwabo wowayelingisa kwiGenerations

2018-02-09 08:11

Johannesburg – Isiqinisekisiwe iminingwane yomngcwabo wenkakha yezokulingisa uDavid Phetoe.

UDavid Phetoe wayedlala indawo kaPaul Moroka engubaba kaKarabo no-Archie Moroka kuGenerations.

Okhulumela umndeni ukhulume nabezindaba iJuice, uMolefe Pheto, uthe inkonzo yomngcwabo kaPhetoe izobanjelwe eSt Mary's Cathedral eGoli ngoMgqibelo, 10 Febhuwari.

Inkonzo yesikhumbuzo kaPhetoe ibibanjwe ngoLwesithathu kwa-SABC e-Auckland Park, eGoli.

OLUNYE UDABA:Isiqinisekisiwe imininingwane yomngcwabo ka'Bra Eddie'

UMolefe uthe umphakathi wamukelekile emngcwabeni walesi sihlabani.

"Ubengumuntu wabantu ngakho asikwazi ukuthi umngcwabo wakhe ubengowomndeni kuphela."

Ukudlula emhlabeni kwaPhetoe kwezwakala ngomhlaka-2 Febhuwari eneminyaka engu-85 ubudala.

UDavid uzobekwa eduze nonkosikazi wakhe emathuneni aseLenesia, eningizimu yeGoli.

Imininingwane yomngcwabo ngezansi: 

Inkonzo yasesontweni

Usuku: UMgqibelo, 10 February 2018

Indawo: St Mary's Cathedral

Isikhathi: 08:00

Umngcwabo

Indawo: Lenasia Cemetery 

Isikhathi: 10:00 - 10:30

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-25°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-24°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 22-27°C Widely scattered tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...