Imininingwane yenkonzo yesikhumbuzo kaDumi Masilela

2017-08-07 12:33

Johannesburg - Izobanjelwa eKempton Park, eGoli, ngoSuku lwabesiFazane iWomen's Day inkonzo yesikhumbuzo yomlingisi uDumi Masilela.

Umndeni wakhe uqinisekise ukuthi inkonzo izoba phakathi kwezithuba zabo-14:00 no-18:00.

Inkonzo yomngcwabo izobanjelwa kuyo le ndawo ngomhlaka-12 Agasti phakathi kwezithuba zabo-08:00 no-11:00 ekuseni. Ngemuva kwenkonzo umphakathi wamukelekile ukuya emathuneni.

OLUNYE UDABA:Kumiswe ukuqoshwa kweRhythm City kushona umlingisi

UDumi ushone ngesonto eledlule esigamekweni sokuzama ukuduna. Waphuthunyiswa esibhedlela kanti ngemuva kwamahora amahlanu ehlinzwa odokotela baqinisekisa ukuthi usedlulile emhlabeni.

Umndeni nabangani bakhe batshele iTshisaLIVE ukuthi lo mlingisi wayephapheme ngaphambi kokuyohlinzwa kanti uDumi kanye nalabo ababesesibhedlela babenethemba lokuthi angeke ashone.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

U-AKA ukweleta u-SARS imali engu-R2m

Emizuzwini eyi-52 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-25°C High level clouds. Warm. Bloem: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...