Imibiko eshayisanayo ngombango wefa lowayengumdlali

2017-07-12 07:09

Cape Town – Ngokombiko we-IOL, impi yombango wencwadi yefa “engasayinwanga” likalowo owayengumdlali weqembu lesizwe lombhoxo lakuleli, amaSpringbok, uJoost Van Der Westhuizen, usuphelile. Kodwa-ke ngokombiko weHuisgenoot lo mbango usaqhubeka.

Lokhu kulandela umndonsiswano osudonse izinyanga phakathi kommeli kaJoost, uFerdi Hartzenberg, kanye noSean Hefferman, ongummeli kalowo owayengunkosikazi kaJoost okuthiwa wayeseqhelelene naye, u-Amor Vittone.

Ngaphambilini uVittone, nophinde abe ngumculi, wakhuluma neHuisgenoot ngezinkinga zakhe zemali kanye neNetwerk24 ngomdonsiswano wasezinkantolo nomndeni kaJoost.

OLUNYE UDABA: Indumalo kuTwitter ngokushona kowayedlalela amaSpringbok

Kuyimanje u-Amor use-Europe kanti kusalindeleke ukuba aphawule ngalolu daba. UVittone uphesheya njengoba indodana yakhe benoJoost, uJordan, ubedlala emqhudelwaneni webhola lezinyawo wentsha kanti umndeni wonke uye khona ukoyoyeseka.

 Ngesikhathi ekhuluma ngezimali zakhe kanye nezinkinga engxoxweni yakamuva neJacaranda FM, u-Amor wathi: “Ngicabanga ukuthi abantu banomcabango wokuthi ngangigaqele izigidi zakhe – nokuyinto engekho – angicabangi ukuthi iningi futhi anginandaba ngempela inqubo nje uma izingane zibhekeleliwe. Anginandaba nokukhokhela noma ukudayisa ikhaya lami. Anginandaba nokuqashisa ngekhaya lami bese ngiya endaweni encane. Kodwa angikwazi nokukwenza lokho ngoba indlu isegameni likaJoost. Futhi leyo yinto abantu abangayiqondi.”

IThe Juice izamile ukuxhumana noFerdi Hartzenberg kanye noSean Hefferman. Amahhovisi alaba bobabili ngokwehlukana athe laba basenkantolo kanti bazobuye baphendule. 

- Channel24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Heavy rain. Morning clouds. Cool. Pta: 16-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-26°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-30°C High level clouds. Warm. PE: 16-21°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...