IMabala Noise izoletha omunye umculi waphesheya kwiDurban July

2017-05-09 14:01

Johannesburg – Isetebele semculo, iMabala Noise, sihlela ukuletha omunye umculi waphesheya kuleli emcimbini owubukhazikhazi waminyaka yonke, iVodacom Durban July.

OLUNYE UDABA: IMabala Noise ithungatha abaculi abasha

Lesi sitebele sesimemezele ukuthi sizoletha kuleli umculi waphesheya we-RnB, uTory Lanez, nokulindeleke ukuthi anandise emcimbini owandulela iDurban July ngomhlaka-30 kuJuni ngoLwesihlanu. 

Ngale kwalo mculi waphesheya baningi nabanye abaculi bakuleli abazobe benandisa kulo mcimbi nalapho kubalwa kubo uKwesta, uRiky Rick, uGigi Lamayne, uNadia Nakai, uCassper Nyovest, u-AKA, u-Emtee, uZakwe kanye noL’vovo.

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Sunny. Cool. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -2-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 7-17°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...