IMabala Noise ithungatha abaculi abasha

2017-05-05 14:01

Johannesburg – Isitebele somculo iMabala Noise sinikeza ithuba eliyingqayizivele entsheni yakuleli enethalente ukuze iziwinele isivumelwano sokusebenza ngaphansi kwale nkampani.

Le nkampani yenze lesi simemezelo enkundleni yezokuxhumana iTwitter ngoLwesine, nalapho ibuze khona umbuzo yathi, “Unakho okudingekayo ukuze ube sesiteji se-#Mabala Noise DBN July?”

OLUNYE UDABA: Nakhu ongazitholela khona ngo-R41 000 kwi-Durban July

Ngokwalo mncintiswano kucelwa abalandeli ukuba bathumele ingoma noma ukunandisa kwabo kwithimba leMabala, “nalapho iculo elimnandi noma ithalente lizosayinwa ngaphansi kweMabala”.

Zibonele lesi sikhangiso lapha: 

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Uyashiya kwi-RGB umsakazi

2017-07-25 16:00
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-18°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...