Ikhulelwe intombi yomrepha wakuleli oyintandokazi - Umbiko

2017-11-21 18:01

eGoli - Ngokombikwe wephephandaba langeSonto iSunday Sun, umrepga uCassper Nyovest uzoba ngubaba kungekudala.

Kubikwa ukuthi intombi yakhe uThobeka Majozi unezinyanga ezinhlanu ekhulelwe kanti konke lokhu basakugodlile yize imindeni yabo yazi.

Laba baqala ukuthandana kulo nyaka, kanti yize lo mrepha engakaze afake izithombe zentombi yakhe ezinkundleni zokuxhumana, ufake ivideo emfushane ezinkundleni njengoba elungiselela umcimbi wakhe omkhulu.

OLUNYE UDABA:#FillUpFNB: UCassper Nyovest usibonisa ukuthi kubamba ezingelayo

UThobeka lo kuthiwa uke wathandana nomunye umrepha uMaggz kanti umndeni wakubo ungomunye wemindeni ecebile kwaZulu-Natal.

Lo mrepha uthathele ezinkundleni ethi leli phephandaba lingamapunge ngoba ubezosho uma kukhona okuzayo.


- Drum

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...