Ihamba phambili ngokudayisa ezitolo incwadi entsha kasaziwayo

2017-07-26 12:32

Cape Town – Incwadi entsha kasaziwayo wakuleli ongumethuli wenhlelo zikamabonakude, uBonang Matheba, esihloko sithi Bonang From A-B, ihamba phambili ngokudayisa esitolo esidayisa izincwadi, i-Exclusive Books.

“Sihamba phambili. Ngiyabonga. Ngiyabonga. Ngiyabonga. Ngiyabonga. Ngiyabonga,” lo saziwayo ubhale kanjalo kuTwitter.

OLUNYE UDABA: UVodacom uthi uBonang uyena owazifunela ukukhishwa kwi-contract yama-VIP

Ngokwe-website ye-Exclusive Books, incwadi kaBonang ihleli endaweni yokuqala ohlwini lwezincwadi ezinhlanu ezidayisa kakhulu ezitolo zayo.

Ezinye izincwadi ezikulolu hlu kubalwa, iBorn A Crime (Trevor Noah), iNo Longer Whispering To Power - The Story Of Thuli Madonsela kanye ne-Mandela's Last Years.

....we are NUMBER ONE!!! Thank you. Thank you. Thank you. Thank you. Thank you. ??

A post shared by Bonang Matheba (@bonang_m) on

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-30°C High level clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C Passing showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...