IGqom Queen ebhizinisini lezinwele zokufakelwa

2017-04-20 19:31

Durban - IGqom Queen ifike kwezwakala emculweni ngeculo lakhe elithi Wololo. UBabes Wodumo ogamalakhe lokuzalwa nguBongekile Simelane, usezimisele ngokungena ebhizinisini lezinwele.

Lesi sihlabani somculo weKwaito sesikhethe ukungena ebhizinisini lezinwele zokufakelwa, sisho sitshela iTshisaLIVE ukuthi sethemba ukuthi leli bhizinisi lizolethula ngasekupheleni kwalo nyaka.

UBabes uthe uthole ugqozu lokuqala ibhizinisi ngemuva kokubuzwa kaningi ngezinwele azifaka ekhanda.

OLUNYE UDABA:IZITHOMBE: Ngabe usethenjiswe umshado uBabes Wodumo?

"Ngokujwayelekile ngithenga amabhokisi amabili ezinwele kanti iningi labantu belingimisa lingincoma izinwele zami, abantu bebuza nokuthi ngiwathenga kuphi ama-weave ami. Ngakho-ke sengikhethe ukuvula ibhizinisi lami lezinwele njengoba wonke umuntu ezifela ngazo," kusho uBabes.

Lezi zinwele zokufakelwa uthi zizolandwa emazweni kodwa zizodayiswa ngenani abalandeli bakhe abazokwazi ukulimela.

"Lezi zinwele zifika ziyizinhlobo ezahlukene kanti futhi umuntu angakwazi nokuzidaya ngaphandle kokuzona. Ngokujwayelekile izinwele iPeruvian neBrazilian zibiza imali engaphezu kwengu-R4 000 kodwa ezami zizodayiswa ngenani elikahle," esho.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. Pta: 4-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...