IGcokama Elisha umculi wokuqala kaMaskandi ukukhangisela iCutty

2017-05-25 19:30

Durban - Abathandi bomculo kaMaskandi bahalalisele uMthandeni Manqele ungumculi wokuqala kaMaskandi ukukhangisela inkampani yengqephu iCutty.

Lo mculi oneminyaka engu-28 ubudala, odume ngokuba yinono kubalandeli bakhe ngoba uhlezi eswenke econsa, uthi ulithokozele kakhulu leli thuba.

"UMaskandi yiwona mculo ochaza mina siqu sami kanye nemvelaphi yami. Kodwa ukuba wumculi kaMaskandi akukushintshi ukuthi ngisewumuntu omusha futhi ngiyazazi izinto ezenzekayo," kusho yena.

Le nkampani ithi okuhle kakhulu ngalo mculi wokuthi ubukhali futhi uyalazi ibhizinisi, lokhu kubonakala ngempumelelo yakhe nangokuthi uzisebenza yena njengoba enenkampani yakhe yokuqopha umculo.

OLUNYE UDABA:IGcokama Elisha lidedele iDVD eshisa bhe

UGavin Abro, oyinhloko yeGA Creative Brands okuyiyona ephethe iCutty uthe lo mculi uyahambisana nakho konke okufanelwe yinkampani yabo. "Uyisihlabani esithuthuke kakhulu."

Le nkampani izokhiqiza ingqephu yalo mculi ezobonisa indlela akhule ngayo kule mboni.

Cutty_Page_C2_AMB_0217

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...