IGcokama Elisha lidedele iDVD eshisa bhe

2017-05-14 16:23

Durban - Umculi kaMaskandi uMthandeni Manqele odume ngeleGcokama Elisha udedele iDVD yakhe.

Le DVD ogama layo ithi Kukhonya Mina ikhishwe ngoMgqibelo kanti lo mculi uthi iyatholakala ezitolo eziningi zomculo.

"Yona senginesikhathi ngiyenza iDVD yami njengoba isize yaphuma ngoMgqibelo. Yize isanda kuphuma kodwa ngingasho ukuthi abalandeli bami bayithakasele kakhulu," kusho yena.

OLUNYE UDABA:Lithenge izimoto ezintsha ceke iGcokama Elisha

Lo mculi uthi kunezingoma ezithandwayo njenge-Tablet engu-4 kuDVD kanye neculo lokuqala elithi Usuku Lomthandazo.

Abalandeli balo mculi nabo bathathele ezinkundleni zokuxhumana ukuzwakalisa ukujabula kwabo ngale-DVD.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Drizzle. Morning clouds. Cool. Pta: 12-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C High level clouds. Mild. Bloem: 13-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 16-24°C High level clouds. Mild. PE: 13-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...