Ifilimu Inxeba izobuyiselwa emabhayisikobho, kunquma inkantolo

2018-03-06 19:29

Johannesburg – Ifilimu Inxeba (The Wound), uzobuyiselwa emabhayisikobho akuleli ngoLwesihlanu njengoba kusalindwe isibuyekezo senkantolo enkulu, esifakwe ngemizamo yokuthi kususwe isexwayiso sokuthi le filimu ifana ncamashi neyocansi.

Njengoba kulindwe lesi sinqumo esizozwakala ngoMashi 28, le filimu ingatshengiswa emabhayisikobho kusukela ngomhlaka-9 Mashi, kusho iJaji uNeil Tuchten eNkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng, ePitoli, ngoLwesibili.

Le filimu izokhonjiswa ngaphansi kwesigaba sika-18SNL. Okusho ukuthi izobukwa ngabantu abaneminyaka eyevile kwengu-18 yobudala ngenxa yokuthi iqukethe ucansi nolimi oluqosheme.

Ophrojusa bale filimu, bekhuluma ngesitatimende esikhishwe nguDavid Alex Wilson ngaphansi kweMad Moth Communications, bathe lesi sicelo sabo esiphuthumayo ebesifuna kuhoxiswe ukubekwa kwale filimu ngaphansi kuka-X18, siphumelele.

Banxuse ukuthi isinqumo salesi sibuyekezo ngesinqumo seFilm and Publication Board's (FPB) Appeal Tribunal eyabeka le filimu ngaphansi kwesigaba sika-X18SNLVP, iguqule leso esabekwa yi-FBP sika-16LS – okuchaza ukuthi le filimu iyithatha njengefilimu yocansi okungamele ibukwe emabhayisikobho.

Isinqumo senkantolo sichaza ukuthi abantu sebengakwazi ukuphinde bayobuka le filimu emabhayisikobho akuleli, kulandela ukuhoxiswa kwayo.

Emaphepheni afakwe enkantolo, i-FPB, emelwe yiMotsoeneng Bill Attorneys, iveze ukuthi ihambisana nesinqumo sayo sasekuqaleni sokufaka le filimu ngaphansi kuka-16LS ngakho iyaseseka isicelo sokuba ibuyiselwe emabhayisikobho.

Udaba oluphelele lapha.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 11-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-21°C Morning clouds. Cool. PE: 10-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...