IDistruction Boyz inxusa u-matric ukuba ukhohlwe ubumnandi, ugxile ezifundweni

2017-10-26 12:27

Johannesburg - Iqembu lomculo elithathwa njengamakhosi obumnandi liyazifela ngempilo yokuzijuxuza kodwa futhi lithathela phezulu imfundo.

Njengoba sekuphume icwecwe elishisa izikhutha kuleli, iDistruction Boyz ibonga ayiphezi ngokwesekwa nangothando abantu bakuleli abayipha kona, ikakhulukazi intsha.

Kodwa njengoba umatikuletsheni usuqalile ukubhala izivivinyo zawo zokuphela konyaka, iDistruction Boyz iyazicelela kubo bonke abafundi bakaGrade 12 ukuba bazimisele futhi bagxile ekubhaleni izivivinyo zabo bakhohlwe ubumnandi kula masonto ambalwa besesikoleni.

OLUNYE UDABA:IGqom Queen ebhizinisini lezinwele zokufakelwa

IDistruction Boyz iphinde yathi nakuba yazi ukuthi kuzobanzima ukugwema ukuyozijuxuza njalo uma kuzwakala isigubhu sayo somculo weGqom sisho, kepha abafundi kumele bazibambe.

La baculi bafake umyalezo obhekiswe kuzo zonke izitshudeni ezibhala izivivinyo zokuphela konyaka, ikakhulukazi umatikuletsheni, enkundleni yezokuxhumana i-Instagram.

 - INSTAGRAM:

Important message! Tag a Distruction Boyz fan that’s also a student! Much love???????????????????? #DistructionBoyz

A post shared by Distruction boyz (@distruction_boyz) on

WE LOVE YOU - WE LOVE YOU!?????????????????????????????????????????????????????????????? #distructionboyzgoesgold

A post shared by Distruction boyz (@distruction_boyz) on

This album is gonna mess up the Country! What should we do??! #DistructionBoyzGoesGold

A post shared by Distruction boyz (@distruction_boyz) on

???????????????????????? cc @innluu

A post shared by Distruction boyz (@distruction_boyz) on

 - ZAlebs

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...