Ibuyele enkantolo inkakha yomculo weKwaito

2017-08-18 12:31

Johannesburg - Inkakha yomculo weKwaito, u-Arthur Mafokate, iyavela eNkantolo yeMantshi yaseMidrand ngezinsolo zokushaya owesifazane owayeyintombi yakhe.

UBusisiwe Twala, odume ngelikaCici kwezomculo, wavulela u-Arthur icala lokushaya.

OLUNYE UDABA:Umsolwa nommangali bavule isifuba ‘ngokushaywa kuka-Cici ngu-Arthur’

UCici kwadingeka ukuba ahlinzwe enqulwini kulandela izinsolo zokushaywa nguMafokate.

Kulandela lesi sigameko, uCici walaxaza inkampani kaMafokate i-999 Music.

Ngokubika kweSunday Sun ngenyanga eyedlule, uCici wajoyina inkampani kaKgosi Mahumapelo, i-Ambitiouz Records. 

I-Ambitiouz iyona ephethe abaculi abafana nomrepha u-Emtee kanye noFifi Cooper. 

Kuthiwa uCici ubeseqalile ukuqopha nenkampani kaMahumapelo engakayishiyi nokushiya i-999 Music. 

 - TWITTER:


 - Daily Sun

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C Scattered showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 19-28°C High level clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-26°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Numerous showers. Cloudy. Mild. PE: 14-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...