Ibhange lingahle lidle imoto kaBobby Motaung

2017-09-26 12:31

eGoli - UMphathi weKaizer Chiefs obuye abengusomabhizinisi, uBobby Motaung, angahle aphucwe imoto yakhe ebiza u-R3.2-million yohlobo lweBentley Continental GT.

Lokhu kulandela imibiko evezwe yibhange yokuthi uMotaung akakhokhi kahle kanti ibhange selidedele ithimba labalanda izimoto ukuba bamphuce yona.

IWesbank imhambise eNkantolo eNkulu yaseSouth Gauteng ngoba sekuphele cishe unyaka engakhokhi njalo ngenyanga, njengokwesivumelwano.

Ngokwamaphepha afakwe enkantolo abonwe ngabeSunday World, u"Bob-Steak" usemuva ngesikweletu senani lika-R500 000 okumele ngabe usesikhokhile kanti usasalelwe yisikweletu sika-R2.3-million.

Ibhange licele inkantolo ukuba ibanike imvume yokuthumela isikhonzi senkantolo siyoshaqa le moto uBobby abambelele kuyo ngenkani yize engasakhokhi.

OLUNYE UDABA:Izinhlelo zamaKhosi zesizini ezayo kusukela kuBobby Motaung

Ngokwamaphepha enkantolo, uMotaung wasayina isivumekwano nabeWesbank/First Rand Auto Receivables Limited sokuthenga imoto yohlobo lweBentley Continental GT ngo-2014 ngo-R4136601,76, akhokhe nenzalo kanye nenye imali ekhokhwayo elinganiselwa ku-R900 000.

Ngokwesivumelwano uMotaung wavuma ukuthi uzokhokha idiphosithi ka-R700 000.

Le moto okwamanje ingeyeWesbank kanti ibizodluliselwa kuMotaung ngokuphelele uma esekhokhe sonke isikweletu sika-R4.1-million kuleli bhange, ngokusho kwamaphepha enkantolo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...