Ibe yize imizamo ka-Arthur Mafokate ecaleni abhekene nalo

2017-09-20 18:01

Johannesburg - Ibe yize leze imizamo yesihlabani somculo weKwaito u-Arthur Mafokate yokuba icala laso lixazululwe ngokuxoxisana ngaphandle kwenkantolo.

UMafokate uvele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseMidrand ngoLwesithathu. Usolwa ngokuhlukumeza owayeyintombi yakhe engumculi, uCici, ogama lakhe lokuzalwa nguBusisiwe Twala.

Abameli bale nkakha yomculi bacele ukuba icala lihlehle ngemizamo yokwethula iziphakamiso zabo kuMqondisi wokushushiswa kwamacala omphakathi. Lokhu kuza ngemuva kokuba uTwala enqabile ukuba kuxoxiswane.

OLUNYE UDABA:Lihlehlile icala lika-Arthur Mafokate

NgoJuni, uMafokate wavela kuyo le nkantolo ngecala lokushaya wadedelwa nebheyili ka-R500.

Ngokusho kwemibiko, ngoJuni uTwala wavulela uMafokate icala, wamchaza njengesoka lakhe esitatimendeni samaphoyisa ngemuva kwezinsolo zokumhudula ngemoto emgwaqeni ngesikhathi bexabana.

Lezi zihlabani zomculo zombili zivulelane amacala. Ithimba labameli baMafokate lifuna kuxoxiswane ngaphandle kwenkantolo, kodwa uTwala yena ufuna udaba lunekwe ezithebeni zenkantolo.

UMafokate uyaliphika icala abekwe lona.

Icala lihlehliselwe umhlaka-3 Novemba.


 - eNCA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...