I-SABC nohlelo olusha kwabafuna omaqondana

2017-02-15 11:01

Cape Town – Uma ngabe usafuna umaqondana futhi ulishaya nebhodwe, sekunohlelo olusha sha oluqondene nawe ngqo.

Lokhu kuza njengoba olunye lwezinhlelo ezithandwa kakhulu e-UK , i-Dinner Date, selunabele naseNingizimu Afrika.

Uma kungukuthi awukaze ulubuke lolu hlelo, luyaye luhambe kanje:

Abantu abasuke bengenele (labo abafuna omaqondana) bayaye banikezwe izinhlobo zokudla ezinhlanu (menus), kanti isidlo ngasinye sisuke sihlanganiswe umuntu ongamazi ongase uye ku-date (uzikhiphe) naye.

OLUNYE UDABA: INgosi: Vuselela uthando lwenu, ushaye i-lingerie uyidansele indoda yakho

Ngemuva kwalokho izintokazi ezinhlanu noma izinsizwa zizobe seziqhamuka nezidlo ezintathu ezizochaza lo muntu ongase abe umaqondana.

Lowo ongenele uzoba nesidlo nabathathu kulabo abangase babe omaqondana bakhe. Yena uzobe esekhetha ukuthi yimuphi azozikhipha naye kuncike ekutheni yisiphi isidlo esimchazile.

Ngemuva kokuzikhiphela esidlweni, labo abangenele bazobe sebekhetha ukuthi ubani abafuna ukumbona imizuzwana.

Lolu hlelo ludidiyelwa yiPhoenix Productions kanti luzoqala ukudlala kuSABC3 ngo-Ephreli kunyaka ka-2017.

Usuku lokugcina lokungenela umhlaka-31 kuMashi 2017.

Abafake izicelo kumele babe neminyaka engu-21 kuya ku-65 ubudala, futhi kumele babe yizakhamuzi ezihlala eGauteng.

Uma ngabe uthanda ukuba yingxenye yeDinner Date South Africa fonela ku-011 726 2828 noma uthumele i-email ku-date@dinnerdatesa.co.za

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. Pta: 4-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...