I-BIG NUZ ibungaze olukaBabes Wodumo

2017-05-15 18:01

Durban - Iqembu lomculo weKwaito iBig NUZ liqhulule amanoni amasha eMondise eGagasini, ePhoyinti ngoLwesihlanu ngesikhathi uBabes Wodumo egubha usuku lwakhe lokuzalwa.

IBig NUZ, esinamalungu amabili uMampintsha noDanger, izwise abantu izingoma zayo ezizotholakala kwi-album yayo okulindeleke ukuba iphume ngasekupheleni kwalo nyaka.

Ingoma esihloko sithi Sbongile iyona eyenze abantu badanse baze bakhase phansi. Abantu bakuthokozele ukubona leli qembu linandisa ndawonye njengoba sekuyinto eyimvela kancane kulezi zinsuku.

OLUNYE UDABA:Kubikwa ukuthi akumphathanga kahle uBabes Wodumo ukungawini kuma-Metro

UDanger uthembise abantu ukuthi sebebuyile ukuzokwenza abadume ngakho kulo mkhakha njengoba bengakaze bakhiphe selokhu kudlule emhlabeni elinye ilungu labo uR Mashesha eminyakeni emibili eyedlule.

UBabes ungene kwachwaza abantu egabisa ngemidanso yakhe eshaya amaculo akhe adlise ngesigubhu esihlanyisa abantu.

Bese kungumlenze wesibili womcimbi wokugubha usuku lokuzalwa njengoba owokuqala ubuseTaboo Night Club eSandton, eGoli, ngeledlule.

UBabes ungomunye wabaculi abaqokwe emikhakheni eyahlukene kumaSouth African Music Awards njengoba nengoma yakhe yodumo iWololo ingenye yezibhekiwe koweRecord of The Year.

Abantu bebephume ngobuningi ukuzojabula nale ntokazi engaconsi phansi kulezi zinsuku futhi esanda kuhlabana nendondo yeCoolest Local Female Celebrity emcimbini weSunday Times Generations Next lapho ebencintisana khona noFifi Cooper, Minnie Dlamini, Lira noPearl Thusi.

Abanye abanandisile kulo mcimbi kubalwa iDistruction Boyz, Sjerere, Tokzen, Boonu, Madanon nabanye kanti uhlelo beluphethwe uSlot MC. 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 20-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-23°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-26°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Rain showers. Cloudy. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...