Halala! Umethuli wezinhlelo usezoba wubaba

2018-01-10 16:00

Johannesburg – Umethuli wohlelo lwasekuseni i-Expresso uKatlego Maboe usezoba ngubaba.

Yena nentombi yakhe uMonique Muller baveze ezinkundleni zokuxhumana ukuba sebezokuba ngabazali okokuqala ngqa.

Ebhala ekhasini lakhe lika-Instagram, uKatlego uthe: "Sijabule kakhulu ukumemezela ukwandisa umndeni wethu. Siyabonga kubo bonke abasifisela okuhle futhi sizoqhubeka nokukhuleka ukuthi sifike kahle isipho sethu esisilindele," kubhala yena.

Ngokusho kwakhe, uthi balindele ukuba ingane yabo ifike ngenyanga kaJuni.

OLUNYE UDABA:ISITHOMBE: Usaziwayo uqinisekise amahlebezi okuthi ukhulelwe

Yize isimemezelo sabo singamukelwanga kahle yibo bonke abalandeli babo, uMonique uziphendulele kulabo abagxeke lezi zindaba.

Le ntokazi ibhale kanje: "Angikuthandi lokhu, ngacela uKat ukuba asuse zonke izithombe zethu ezinkundleni zokuxhumana ngoba ngingathandi ukubona izinto ezifana nalezi.

"Ngijabulile nesoka lami futhi uwenza kahle kakhulu umsebenzi wakhe, lokho kumubeka endaweni lapho abantu becabanga ukuthi bengasho noma yini ngaye."

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...