#FillUpFNB: UCassper Nyovest usibonisa ukuthi kubamba ezingelayo

2017-11-19 11:02

eThekwini - UCassper Nyovest useyaqala ukhokha umoya kancane kancane njengoba esebala izinsuku kuqala umcimbi wakhe ozoba senkundleni ethatha abantu abangu-75 000 i-FNB ngomhlaka 2 Disemba 2017.

Lo mculi ozakhele udumo futhi wathola nokukhulu ukuhlonishwa ngokuba ngowokuqala ukugcwalisa iThe Dome usesebenze ngokuzikhandla efeza iphupho lakhe lokugcwalisa lezi zinkundla.

Ngemuva kokubika ezinkundleni ukuthi akasenayo ngisho indibilishi ngoba ezithwele yena zonke izindleko zalo mcimbi.

Lo mculi waya emsakazwni kanye nasezinkundleni zokuxhumana eveza ukuthi izindleko zalo mcimbi zimudle u-R15 million kanti futhi akanabo nabaxhasi abazimisele ukumsiza kwaze kwadingeka ukuba adayise enye impahla yakhe ukuze akhokhele izindleko.

OLUNYE UDABA:Abalandeli bakaMaskandi batinyele uDJ Tira ngolukaMroza

Ingane engakhali ifela embelelweni, kusizili ukuzikhalela kwakhe njengoba esethole abaxhasi abathathu abakhulu.

ICirocSABC 1 kanye nenkampani ekhiqiza utshwala iBudweiser sebezinikele ukulekelela lo mculi aqophe umlando.

Lo mculi uthathele ezinkundleni zokuxhumana ukuveza lezi zindaba ezinhle.

Ngale kokuxhaswa, Usabc 1 uzosakaza yonke lemicimbi imiGqibelo ilandelaka kusukela emcimbini wokuqala bese kuthi ngosuku olukhulu mhlaka 2 Disemba, kusakazwe bukhoma i-#FillUpFNBStadium.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...