Ezimnandi kwabaneDStv Premium

2017-09-11 19:30

Cape Town – IMultiChoice isinqume ukunikeza amakhasimende ayo aneDStv Premium ithuba elingandele bani lokuthola iShowmax mahhala kulabo abavele bangaphansi kwalolu hlelo lwePremium.

Labo abaneDStv Premium sebezokwazi ukuzidelisa mahhala ngezinhlelo zeShowmax, ebiza u-R99 ngenyanga, lezi zinhlelo zizotholwa yilabo abanamaDStv Explora, i-app iDStv Now app, kanye naku-Online neSmart TV.

UShaun Trennery nguye obe ngowokuqala ukubona ukuthi iDStv Now ifake iShowmax ngaphansi kwezinhlelo zeDStv Premium ngoMsombuluko ekuseni.

IChannel24 ibe isixhumana neMultiChoice ngenhloso yokuyibuza ngalo mnyakazo, yathi isimemezelo izosenza maduze. Kuthe ngemuva kwehora lesibili ntambama ngoMsombuluko, iMultiChoice yakhipha isitatimende iqinisekisa ukuthi impela abanamaDStv Premium bazozitika ngezinhlelo zeShowmax ngoba vele abantu sebephila ngokubuka izinhlelo zilandelana, isikhathi eside.

"Yingakho sinqume ukuthi sinikeze amakhasimende ethu anePremium ithuba lokubuka izinhlelo zeShowmax, ukuze bathokozele lo muzwa omnandi kangaka," kusho uMark Rayner, oyisikhulu esiphezulu sakwaMultiChoice South Africa, esitatimendeni.

IShowmax inezinhlelo zikamabonakude kanye namafilimu angu-25 000.

Thola udaba oluphelele lapha.



- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...