EyaseMelika ithi izothathela uDJ Bongz izinyathelo

2016-04-27 13:59

Johannesburg - Isitolo saseMelika iVianel sisongele uDj Bongz ngokumthathela izinyathelo ngekepisi lakhe igwara gwara.

NgoLwesibili izinkundla zokuxhumana ziphayize ilambu elibomvu ngesikhathi lo DJ efaka isithombe sekepisi ethi libiza imali engu-R800. Abantu babe sebemugxeka bebuza ukuthi kungani lidule kangaka.

OLUNYE UDABA: Kugxekwa uDJ Bongz ngokudayisa amakapisi ngo-R800

Kodwa izinkinga zikaBongz azigcini lapho njengoba inkampani yaseMelika ibhale enkundleni yezokuxhumana iTwitter imtshela ukuthi akayeke ukuyisebenzisa ukudayisa ikepisi lakhe. 

Le nkampani ithi izothathela lo DJ izinyathelo uma engasisusi lesi sithombe sekepisi kuTwitter wakhe.

UBongz uthe le nkampani ifuna ukubukwa nje, wathi yena ayikho azoikhuluma nomuntu ongyazi igwara gwara, kubika iDaily Sun.


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...