EkaMroza ivalelwe ngaphandle kwezizoqokelwa ama-Metro FM Awards

2017-01-18 16:01

Durban - UMroza ungumculi kaMaskandi wokuqala ukuhlukanisa unyaka kodwa ingoma yakhe yodumo lokubulala uVan Damme ayiqokelwanga izindondo zamaMetro FM Awards.

Lokhu, ngokusho kokhulumela i-SABC uKaizer Kganyago, akusikona ukumkhipha inyumbazane uMroza, kubika iTimeslive.

OLUNYE UDABA:Washaya Maskandi kwahlehla yonke into kubulawa uVan Damme

"Imigomo nemibandela yokuqokwa kwezingoma ikubeka kucace ukuthi okokuqala kumele kube yingoma edlalwayo emsakazweni, okwesibili kumele ithunyelwe ukuze izoba sethubeni lokuqokwa.

"Ingoma kaMroza ayikaze idlalwe kulo msakazo ngakho-ke ibingekho ohlwini lwezingoma ezikhethiwe,” kusho uKganyago.

UKganyago uqhubeke wathi kunohlobo lwezingoma ezingadlalwa kulo msakazo, okuyizingoma ze-Raggae kanye noMaskandi.

“Ngeke sikwazi ukushintsha imigomo nemibandela senzele ingoma eyodwa," ephetha.

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Sunny. Mild. Pta: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-24°C Sunny. Mild. Bloem: 3-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 13-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-19°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...