DJ Zinhle: Ngifuna ezinye izingane

2017-02-24 09:32

Cape Town – Omunye woDJ abayintandokazi kuleli, uDJ Zinhle, utshele iphephabhuku iDrum Magazine, ukuthi ufuna ezinye izingane, wathi futhi uyazisola ngesinqumo sakhe sokuthi aqale ukuba nezingane esekhulile esikhundleni sokuthi asheshe abe nazo.

Kuyimanje uZinhle usevele unengane eyodwa yentombazane eyaqanjwa ngoKairo nozobe ihlanganisa iminyaka emibili ngomhlaka-2 kuJulayi.

OLUNYE UDABA: OwoKhozi FM ukhala ngendlela abesifazane asebegqoka ngayo

Kuyimanje lo DJ usebudlelwaneni noBrendon Naidoo. Ekhuluma nephephandaba iDrum, uZinhle uphinde wabalula nodaba obese lusabalele lokuthi isoka lakhe “walintshontsha” komunye wesifazane.

Kodwa-ke lo DJ uphike wama ngentaba ukuthi wathathela omunye wesifazane indoda, wathi akakaze ezwe kwakuzwa ngalo wesifazane okukhulunywa ngaye.

Akwaziwa-ke noma lokhu kusho ukuthi uZinhle kanye noBrendon (osebeizwa ngo-'Mr Bond') basezinhlelweni zokuba nezinye izingane yini maduze.

My lego... ?

A post shared by ZINHLE JIYANE (@djzinhle) on

 

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 13-28°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-25°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-25°C a few showers. Afternoon clouds. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...