BUKA: UZodwa Wabantu ebhukuda enqunu

2017-09-27 12:29

Johannesburg - Lwethwese ihlobo kanti uZodwa 'Wabantu' Libram wodumo lemidanso yakhe eYadini Lounge, eMlazi, usitshengise ukuthi luchithwa kanjani usuku uma ilanga liphumile.

UZodwa ophinde adume ngokungazixaki ngokugqoka idilozi usabalalise i-video yakhe ebhukuda enqunu ngoMsombuluko enkundleni yezokuxhumana i-Instagram.

OLUNYE UDABA:Akazisoli nakancane uZodwa wabantu ngokufunza owesimame 'idawa'

UZodwa ube esekhuthaza abantu ukuba bangabi nendaba futhi bangakhathazwa ukuthi abantu bazothini.

Lo saziwayo ungumuntu wesimame ongenamahloni kanti akanankinga nokuveza umzimba wakhe.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngeDurban July wafika egqoke ingubo eveza umzimba, kubonakala ukuthi akakufakile okwangaphansi.

UZodwa wathi lokhu ukwenziswa wukuthi ufuna ukukhuthaza abantu besifazane ukuba bangazenyezi ngemizimba yabo.

 - IVIDEO:

 - Daily Sun

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...