BUKA: Uthando lodwa ngohlelo lukaDJ Zinhle

2018-02-08 10:59

eGoli - NgoLwesithathu, besibuka isiqephu sokugcina sohlelo lukaNtombezinhle "DJ Zinhle" Jiyane olusihloko sithi It takes a Village, nokuwuhlelo oluthandwa kakhulu kuleli.

Le ntokazi engusomabhizinisi kanye nethimba layo baphume umkhankaso wokutakula abesimame abaxinwe yizinkinga zempilo kanye nokwentuleka kwemisebenzi, abanezinkinga zophuzo oludakayo, ukukhulelwa besebancane kanye nabenza ubugebengu.

Ekhuluma nabeTshisaLIVE ngaphambi kokuqala kwalolu hlelo, uZinhle wathi unokwesabela ukuthi abalandeli bakhe bazolwamukela kanjani lolu hlelo.

"Ngijabulile kodwa futhi nginokwesaba okuncane ngoba lolu hlelo lumayelana nezimo zangempela futhi ngiyafisa ukuthi sikwazi ukuguqula impilo yabantu abaningi ngalolu hlelo," kusho yena.

OLUNYE UDABA:ISITHOMBE: IDrum Boss ithengele uyise umuzi

Kubonakala sengathi izifiso zakhe zifezekile njengoba bebaningi abantu abababaza lolu hlelo kanye nenhlosongqangi yalo.


- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...