BUKA: USkolopad nengubo ehlukile, uthi akasayingeni eyokuveza i- tattoo

2017-07-03 11:05

Durban – Umculi wakuleli ophinde abe ngumdansi osanda kuba sematheni ngokugqoka izingubo eziveza kakhulu umzimba, uSkolopad, uthi angeke esasiveza isinqa kanye nomdwebo (tattoo) oseqhezwini lakhe .

Lo mculi - owaqala ukuba sematheni kuleli ngemuva kokugqoka ingubo ephuzi eyayiveza umzimba wakhe emcimbini wokuklomelisa ngezindondo abaculi abavelele, ama-Metro FM Music Awards – ubonakale emcimbini wemijaho yamahhashi owobukhazikhazi, iVodacom Durban July, ngoMgqibelo.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Imiswenko yosaziwayo kwi-Vodacom Durban July

USkolopad  utheleke enkundleni obekubanjelwe kuyo lo mcimbi wamahhashi eGreyville, Racecourse, eThekwini, egqoke ingubo yesintu ehambisana nosiko lwesiSotho, nokuthe ngokuhamba kwesikhathi wabuye washintsha wagqoka ingubo ewubukhazikhazi. Lo mculi uchaze lolu guquko lwendlela asegqoka ngayo “njengokuzalwa kabusha kukaSkolopad”.

“[Angeke ngisawaveza] ama-tattoo, ngoba abantu bayadideka. Esikhundleni sokubuka ithalente lami, babuka i-tattoo. Kumele bangibone nje ngi-sexy. Hhayi i-tattoo yami.”

Lo mculi uqhube wathi kuyimanje umatasa wenza umculo omusha, wathi kodwa kunzima ngoba yonke into uyikhokhela ngemali esuka ephaketheni lakhe.

“Abantu balambele uSkolopad, kodwa sisalindele abaxhasi ukuthi beze etafuleni. Njengemanje yonke into esiyenzayo iphuma ephaketheni lami. Iphuma eholweni lami elingu-R7 000 ngenyanga,” kuchaza uSkolopad.

Zibonele uguquko lwendlela uSkolopad asegqoka ngayo ngezansi:

Skolopad

Skolopad

Skolopad

Skolopad

(izithombe: Graye Morkel/Channel24)

- Channel24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...