BUKA: Usaziwayo waphesheya etshela uCassper ‘ukuthi unuka kahle’

2017-07-17 11:02

Cape Town – Kubukeka sengathi umrepha wakuleli, uCassper Nyovest, akaziphuthiseli ngobumnandi e-Ibiza, nokuyisiqhingi esisolwandle iMediterranean Sea, ogwini olusempumalanga nezwe laseSpain.

Lo mculi wengoma yodumo iTito Mboweni wabelane ngesithombe sokuvakasha kwakhe kulesi siqhingi, nokubandakanya ukuzithokozisa ephathini obekukhona kuyo noDJ wakuleli, uBlack Coffee, kanye nentokazi yaseMelika engusomabhizinisi, umlingisi umethuli wezinhlelo zikamabonakude, , umkhangisi wengqephu, umculi futhi enguDJ, uParis Hilton. UParis Hilton ungumzukulu kaConrad Hilton, nongumsunguli wamahhotela adume umhlaba wonke nawubukhazikhazi, ama-Hilton Hotels.

OLUNYE UDABA: Ingoma kaCassper igudluze eka-AKA kuma-iTunes ngemizuzu engu-20 ikhishiwe

“UParis Hilton usanda kungitshela ukuthi nginuka kahle!!! Bafana sengizuzile hheyi!” uCassper ubhale kanjalo kuTwitter.

Kulabo abebengabaza noma abangakholwa ukuthi lokhu kwenzeke ngempela, lo mculi ube esefaka kuyo le nkundla yezokuxhumana i-video athi iwubufakazi.

Zibonele le video ngezansi kanjalo nesithombe salaba bobabili bebambelene eduze. 

??

A post shared by Refiloe Phoolo ???? (@casspernyovest) on

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 14-18°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...