BUKA: Usaziwayo uthengele uyise umuzi

2017-09-11 19:29

Johannesburg - Umethuli wohlelo oluyintandokazi kumabonakude iZaziwa, uPearl Modiadie, kamuva nje umangaze ubaba wakhe ngesipho esihle futhi esikhulukazi.

Lo methuli wezinhlelo kumabonakde nasemsakazweni uthengele ubaba wakhe umuzi.

UPearl usabalalise lezi zindaba ezinhle ezinkundleni zokuxhumana.

Ubhale enkundleni yezokuxhumana ukuthi: "Umzuzu engiziqhenya ngawo kunayo yonke empilweni yami."

Kule video uPearl ubonakala nobaba wakhe emamukela kulo muzi bese emtshela ukuthi ngowakhe. Ubaba wakhe uzwakala engayikholwa le ndaba, alokhu ebuze njalo ukuthi ngempela lo muzi ngowakhe na.

Lo saziwayo akasiye owokuqala ukuthengema umzali wakhe into eyigugu njengoba ngaphambilini abanye osaziwayo okubalwa kubo uMinnie Dlamini, u-AKA, uThando Thabethe nabaye bake bathengela abazali babo izimoto.

 - IVIDEO:

The proudest moment of my life ??????

A post shared by P E A R L ?? M O D I A D I E (@pearlmodiadie) on

 - ZAlabs

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild.
Jhb: 11-15°C Rain showers. High level clouds. Cool. Bloem: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...