BUKA: UPearl Thusi uhlelele uRobert Marawa iphathi engazi

2017-03-08 18:00

Johannesburg – Usaziwayo wakuleli ongumethuli wezinhlelo kanye nomlingisi, uPearl Thusi, uhlelele ngokuyimfihlo iphathi isinqandamathe sakhe esingumethuli wezinhlelo zezemidlalo emsakazweni nakumabonakude, uRobert Marawa, ngosuku lwakhe lokuzalwa.

UPearl uphinde wabhala umyalezo enkundleni yezokuxhumana, i-Instagram nalapho abefisela khona uMarawa usuku oluhle lokuzalwa.

Amahlebezi okuthi laba bobabili bangamathe nolimi abesenesikhathi ekhona kanti akuthusanga ukuthi uPearl afisele uMarawa usuku oluhle lokuzalwa.

Ngemuva kwale phathi ehlelelwe uMarawa engalindele lutho, ube esezibongela ku-Instagram nalapho ebonge uPearl ngokuthi ahlanganise lo mcimbi kanye nabantu abebeyingxenye yephathi.

Zibonele i-video yalezi zithandani lapha:

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -3-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 11-20°C Sunny. Cool. PE: 11-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...