BUKA: Umculi wodumo elwa ngaphandle kwehhotela

2017-02-16 12:32

Cape Town – Umculi waphesheya ongaconsi phansi kubalandeli, uJustin Bieber, usebalwe njengomsolwa embikweni wamaphoyisa ngezinsolo zokuthi washaya owesilisa ngoJuni, kunyaka ka-2016.

Lesi sigameko saqoshwa ngekhamera; kanti iTMZ kwaba ngeyokuqala ukuthi ikhiphe i-video yalesi sigameko.

OLUNYE UDABA: Isoka 'lidephune' udebe lwentombi inqaba ukwenza ucansi nalo

Kule video kubonakala lo mculi wodumo lwengoma esihloko sithi Sorry ebambene ngezihluthu nowesilisa obonakala emkhulu kunaye ngaphandle kwehhotela iCleveland.

Ngokwe-TMZ lo mlisa osolwa ngokuba yisisulu utshele amaphoyisa ukuthi uBieber wahlwitha izibuko zakhe maqede wazigqoka, nokwathi uma ethi uzama ukuthatha isithombe noBieber, lo mculi oneminyaka engama-22 ubudala wavele wavuka indlobane maqede wagadla kusona.

Zibonele i-video lapha:

 

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-34°C High level clouds. Extremely hot.
Jhb: 16-31°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 19-32°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 20-30°C Morning clouds. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...