BUKA: Umculi wakuleli ukhonjwe ngesibhamu emcimbini

2017-12-11 09:31

EPolokwane - U-Amanda Black usethathele ezinkundleni zokuxhumana eveza indlela aphatheke ngayo emcimbingi iMapungubwe Jazz Festival ngoMgqibelo ebusuku.

Lo mcimbi ububanjelwe ePolokwane Cricket Club lapho u-Amanda kanye nethimba lakhe bebehlelelwe ukuzonandisa.

Ngokusho kwale ntokazi, ayisakwazanga ukunandisa ngenxa yokuthi bahujwe bakhishwa esiteji bekhonjwe ngesibhamu sebezoqala nebhendi yakhe.

"Sikhishwe esiteji silandelwa owesilisa wayosifaka emotweni futhi washaya nelinye ilungu lebhendi yami ebelithatha ivideo yalesi sigameko,"kusho yena.

OLUNYE UDABA: Usobishini umculi kaMaskandi owahlasela intatheli

U-Amanda uthi konke lokhu kwenziwe wukungahleleki kwesikhathi sokuthi abaculi bazolandelana kanjani.

Ngokusho kwakhe, uthi lo mlisa uqale wagibela esiteji wamusho ngenhlamba wamtshela ukuthi akaphume engabe esaqhubeka nalokhu akuzele ngoba abahleli bese befuna kunandise omunye umuntu.

Le ntokazi ibikele amaphoyisa asePolokwane ngalokhu okwenzekile.

- Daily Sun

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...