BUKA: UMandla wenzelwe itshe lethuna elifana nendawo yo-DJ

2017-05-22 16:00

Cape Town – Abangani kanye nezihlobo bavalelise lowo owayengumlingisi weGenerations, uMandla Hlatshwayo, enkonzweni yokwembulwa kwetshe eProtea Hall, Soweto.

UMandla, 40, nobephinde abe ngumsakazi esiteshini somphakathi iJozi FM, wadutshulwa wabulawa endaweni yokucima ukoma iMeli Lounge, ePimville, Soweto, esigamekweni okusolwa ukuthi wayezama ukusiza abesifazane ababili ababebanjwa inkunzi.

OLUNYE UDABA:Angena elandelana amazwi enduduzo ngokudlula kowayelingisa kuGenerations

Ngemuva kwenkonzo yomngcwabo, uMandla wabekwa endaweni yakhe yokugcina emathutheni ase-Avalon Cemetery.

Lo msakazi obephinde akwabhe amapuleti (DJ) uvaleliwe ngetshe lethuna lakhe eliwumfanekiso webhokisi okudlala kulo o-DJ.

Amatshe amathuna awulolu hlobo asejwayelekile kuleli njengoba nosaziwayo asebadlula emhlabeni, uMandoza (owayengumculi weKwaito) kanye noJoe Mafela (owayengumlingisi), nabo benzelwa amatshe amathuna abo awumfanekiso wabo kanye nomsebenzi abebewenza.

Zibonele lesi sithombe ngezansi: 

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 19-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 18-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...