BUKA: UMaCele uthi akudikizi nqulu ngokukhulunywa ezinkundleni

2017-06-27 14:02

Durban - Useziphendulele ngokugxekwa ezinkundleni zokuxhumana selokhu lwaqala uhlelo lukamabonakude, Uthando Nes'thembu, uMaCele owaziwa ngoMamkhulu.

Lolu hlelo olusha oluqale ngenyanga ephelile kuMzansi Magic sekukhulunywe ngalo kakhulu, lugxekwa abantu abaningi kodwa lwenza kahle kakhulu ezibalweni kanti abohlelo bayakujabulela lokho.

OLUNYE UDABA: #MaCeleMustFall - Abalandeli

Uhlelo lutshengisa impilo kasomabhizinisi uMusa Mseleku namakhosikazi akhe amane mayelana nokuphila esithenjini nokunye.

UMaCele, ongunkosikazi wokuqala, usezidalele amazinyo abushelelezi kubabukeli balolu hlelo bemgxeka ngendlela ayiyo ohlelweni.

Nokho uMaCele uthi akakugqizi qakala lokho ngoba yizo izinto ezenzekayo uma ushadele esithenjini. "Uma ungesiye umuntu "omubi" kuzoba khona omunye "omubi", impilo yesithembu injalo," esho.

Uphinde wathi okumjabulisa kakhulu ukuthi bayalubuka uhlelo.

Ivideo:

 - Daily Sun

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...