BUKA: Ukhale izinyembezi usaziwayo ethula okokugcina uhlelo lukamabonakude

2017-06-09 12:30

Cape Town – Ngemuva kweminyaka emibili ethula uhlelo lwezomculo, iClub808, edlala ku-e.tv njalo ngoLwezihlanu ntambama, uBoity Thulo, useyavalelisa kulolu hlelo.   

UBoity ubethula ngokuhlanganyela lolu hlelo noLawrence Maleka.

Labo saziwayo bobabili sebeke baba nezingxoxo nosaziwayo abahlonishwayo endimeni yezomculo baphinde bahambela neminye yemicimbi yezomculo ewubukhazikhazi.

OLUNYE UDABA: UBoity uzongena esikhaleni sikaNonhle kwelomculo

“Lolu kube uhambo lwami olukhulu kakhulu empilweni yami yonke. Sengikhule kakhulu kulolu hlelo,” uBoity utshele i-e.tv.

“I-Club 808 isibe ubufakazi ngosekwenzeke emsebenzini wami,” wengeze kanjalo.

UBoity uzokwethula lolu hlelo okokugcina ngci ngoLwesihlanu, mhlaka-9 Juni.

Kulolu hlelo lokugcina lukaBoity kulindeleke ukuthi kuphinde kwethulwe umethuli omusha wohlelo ozongena esikhaleni sikaBoity. 

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 18-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 18-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...