BUKA: UJessica Nkosi egubha abalandeli abayisigidi ku-Instagram

2017-08-18 16:00

Johannesburg – Umlingisi wakuleli, uJessica Nkosi, usehlanganise abalandeli bokuqala abayisigidi enkundleni yezokuxhumana, i-Instagram.

Lo mlingisi ugubhe ukuhlanganisa abalandeli abangu-1 million kule nkundla yezokuxhumana ngoLwesine.

Kwi-video emfushane efakwe ekhasini lakhe, uJessica ubegcwele injabulo, ebonga abalandeli ngokumeseka kwabo.

OLUNYE UDABA: OweGenerations ulindele ingane yesine nesoka alithole ngonyaka odlule

“Nina bafowethu nikhethe ukungamukela ngendlela engiyiyona. Ngiyabonga ngokuba nibe yingxenye yohambo lwami, ngiyabonga nangokuba yingxenye yempilo yami. Ngiyabonga ngokungigqugquzela kwenu, ngiyabonga ngothando lwenu, ngiyabonga ngokugxila kimina ngaso sonke isikhathi,” usho kanjalo.

Zibonele i-video efakwe ngu-Jessica ngezansi: 

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...